Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi isinqumo sokubuyisa uThemba Zwane esikwatini usijulele kakhulu ngoba lomdlali ukhombise ifomu enhle emidlalweni eyedlule neqembu lakhe.
UBroos uthi umuntu oyisilima ongakwazi ukushintsha umqondo wakhe uma ebhedile.
Bekukhalwa ngapha nangapha ngokungabizwa kukaZwane esikwatini njengoba eshaya into ecokeme kwiMamelodi Sundowns.
UZwane ubizwe kanye nabadlali abasha eqenjini lesizwe okunguSibongiseni Mthethwa, Luke Le Roux noMihlali Mayambela.
“Iziwula ezingakwazi ukushintsha umqondo. Ngikhulume izinto eziningi ngoZwane.
UZwane uhlakaniphile, udlala ibhola elihle futhi uyazimisela eqenjini lakhe. Kufanele simnikeze ithuba,” kubeka lomqeqeshi.