Umqeqeshi obambile kuMaZulu FC, u-Ayanda Dlamini, usephumele obala ngesinqumo sokubuyisa abadlali abaxoshwe wuRomain Folz.
Ngenyanga edlule uFolz ucele iqembu lidedele uKeagan Buchanan noRamahlwe Mphahlele okusolwa ukuthi bazidonsela amanzi ngomsele ngokuphakamisa imibuzo ngamaqhinga akhe.
AmaZulu akuqinisekisa ukudedelwa kwalaba badlali, kodwa ngemuva kokuxoshwa kukaFolz, uDlamini uqoke ukubabuyisa njengoba iqembu lilengela ezembeni futhi lidinga abadlali abanamava,
“URama usidlalele kahle. Angiwukhumbuli umdlalo adlale kuwo kabi selokhe afika. UKeagan sekunesikhathi engadlali kodwa naye uwumdlali osezingeni eliphezulu futhi unamava. Ngicele ukuthi babuyiswe,” kusho uDlamini.
UZungu uziqinisekile izindaba zokubuya kwalaba badlali wathi yisinqumo sabaqeqeshi ukuthi bafuna ukusebenza nabaphi abadlali.
AmaZulu abambane ngo 2-2 kumdlalo asinde ngokulambisa kuwo eKapa ebhekene neCape Town City FC. Azobhekana neSuperSport United emdlalweni olandelayo.