Amaphini kaNasreddine Nabi okunguBen Youssef noCedric Kaze asewuchithile umbono wokuthi iqembu lidlala kangcono ngaphandle kwakhe.
IChiefs iqoqe amaphuzu aphelele emdlalweni emibili ngaphandle kobuholi bukaNabi, ophuthume eTunisia ngaphambi komdlalo wokuqala wesizini kuvela izindaba zokuthi umkakhe ube sengozini.
Nangesizini edlule uNabi uke walimala kwadingeka ukuthi umsebenzi wokupheka iqembu uholwe amaphini akhe, nakhona ayizwa ngendaba induku njengoba kwenzeka namanje.
Ebuzwa ngalokhu uKaze uukugcizelelile ukuthi abaqeqeshi basaholwa wuNabi.
“Ithimba labaqeqeshi (technical team) liholwa wuNabi. Akusho lutho ukuthi kume bani elayinini, okumqoka wukuthi iKaizer Chiefs iyawina. Iyonanto ebaluleke ukudlula konke okunye leyo,” kusho yena.
“Yithina esisenkundleni, sibona konke okwenzekayo uma siqeqesha iqembu, ithina esaziyo yibaphi abadlali abazwana kangcono. Uyasethemba ukuqoka iqembu elizoqala umdlalo, kodwa njengenhloko yabaqeqeshi siyamazisa ngakho konke esikwenzayo nsuku zonke.
“Sihlale sixhumana naye kodwa uyaluthemba ulwazi lwethu namava esinawo.”
NoYoussef uphendule ngendlela efanayo ethi: “Yebo uNabi akekho la kodwa sisebenza naye, sisebenza ndawonye, siyithimba.”
IKaizer Chiefs izotholana phezulu neRichards Bay FC okuzoba wumdlalo wesithathu kulandelana ngaphandle kukaNabi okungakacaci uzobuya nini eNaturena.