Umqeqeshi omusha weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso uthi ufuna ukuzakhela igama elikhethekile emlandweni weqembu, alandele ezinyathelweni zikaPitso Mosimane noRulani Mokwena.

UCardoso (52) wethulwe ngokusemthethweni esithangamini sabezindaba ngoLwesibili eChloorkop, eKempton Park.

Lomqeqeshi uphelezelwa amaphini akhe uFabio Fernandes, Pedro Azevedo noJoao Araujo. USteve Komphela noKennedy Mweene bazoqhubeka balekelele uCardoso ebhentshini.

Lomqeqeshi ubonge ingqayizivele yethuba lokucija elinye lamaqembu ahloniswayo e-Afrika.

“Ngiyabonga emndenini wakaMotsepe, izikhulu zeqembu kanye noSihlalo okhona kulesithangami. Ngibonga nosomaqhinga uMr Flemming Berg, ngidlulisa nokubonga kubalandeli beqembu. 

“Ngijabule kakhulu ngokuqokwa njengomqeqeshi weMamelodi Sundowns. INingizimu Afrika iyizwe elinomlando ojulile, usiko olunothile nezemvelo. Ngikholwa ukuthi ngisendaweni ezongenza ngikhule ngokomsebenzi. 

“Ngizizwa ngikhethekile ngokwethulwa phambi kwezethameli, ngiyabonga kakhulu,” kubeka uCardoso ekhuluma esithangamini sabezindaba.

UCardoso uthi iDowns iyiqembu elinomlando omude ebholeni lakuleli.

“IMamelodi Sundowns iyiqembu elinomlando weminyaka engu-54. Kunosikompilo lokwenza kuleliqembu. Kufanele singawalahli amasiko eqembu ukuze sizoqonda ubunzima bomsebenzi osihlalele. Leliqembu linendlela yokwenza ehlukile, ngizozama ngokusemandleni ukubuyisa injabuko kubalandeli. 

“Kufanele ngilwele ukufeza imibandela engiyibekelwe yiqembu, ngilandele nemigomo ebekiwe. Nginendlela yokusebenza ehlukile, ngikhulumile nabaphathi ngodaba lokungashintshi okuningi eqenjini.

“Ngikhulume noSihlalo ngezinto ezithinta impumelelo, ukuthembeka nokusebenza okunesizotha. Sixoxe nangodaba lokubuyisa uzinzo kubadlali, izikhulu nakubalandeli imbala. 

“Ngiwumuntu okhonzile ukuhlangana nabantu, kuxoxwe. Ngizithobile futhi ngivulelekile. Ngiwumqeqeshi olindele izinga eliphezulu kubadlali ukuze kuzokhula iqembu. Ngifuna siphakamise izindebe, sibuyise izikhathi zokujabula eqenjini,” kusho uCardoso.

Lomqeqeshi ugonyuluke ngesifiso sokulandela ezinyathelweni zikaPitso noRulani abanerekhodi elihle lezindebe kwiDowns.

“Ngiyafisa ukubalwa nabaqeqeshi abasezingeni njengoPitso Mosimane, Rulani (Mokwena), Steve Komphela noMr Manqoba (Mngqithi). Ngifuna kubalwe negama lami kuloluhlu. Ngifuna ukukhunjulwa njengomuntu onenhliziyo emnene futhi ongumqeqeshi olwela ukunqoba,” kubeka uCardoso.

Lomqeqeshi ulinde amaphepha amgunyaza ukuba aqale ukusebenza kuleli. Kungenzeka abonakele okokuqala ebhentshini emdlalweni weChampions League neRaja Casablanca ngeSonto.

UCardoso uhlalelwe ukutakula iDowns kwiChampions League njengoba ingakanqobi nowodwa umdlalo kuGroup B.