Intatheli yeZindaba 247
Inkampani enikezwe igunya lokudayisa amathikithi omdlalo wamanqamu weMTN8, i-Open Tickets, iphinde yabhekana nezingqinamba ngoLwesihlanu ekuseni.
Le nkanpani iqale ukudayisa amathikithi ngo-10 ekuseni, kodwa zithe zisuka nje, yavaleka iwebsite abathengi bengasakwazi ukungena.
Abanye bangenile, kodwa bathe sebephakathi sebecindeza ipage lamathikithi, inqabe.
Intatheli yeZindaba 247 nayo ingenile kule website ngo 10, kodwa ize yangena olayinini wokuthenga ngo-11, nakhona bekuthiwa kufanele ilinde amahora amathathu ngaphambi kokukwazi ukuthenga.
Akukhona okokuqala i-Open Tickets ibhekana nale nkinga njengoba kwenzeka nangesizini ka-2024/25 ngaphambi komdlalo wamanqamu weNedbank Cup owawuphakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
Umehluko kulokhu ukuthi bavele bayivala indaba yokudayisela abantu amathikithi ezitolo, atholwa online kuphela. Phela kwasuka umsindo ngo-2025 abalandeli bekhalaza ngokuma kolayini amahora, bese kuphetha ngokuthi amathikithi asepheleli.
Ukuze igweme le nkinga, kulokhu amathikithi adayiswa online kuphela, futhi umuntu ngamunye akavumelekile ukuthenga amathikithi angaphezulu kwamane.
Likhulu isasasa ngalo mdlalo njengoba kuzotholoana phezulu i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
Umdlalo uzoqala ngo-18:00 eMoses Mabhida Stadium.