Yize iBafana Bafana iqhathwe namaqembu angasabisi kwi-draw ye-Africa Cup of Nations (AFCON) ezodlalwa eMorocco ngo-2025, umqeqeshi uHugo Broos usexwayise ngobungozi bokubukela phansi lamaqembu abazodlala nawo. 

IBafana iqhathwe ne-Uganda, Congo neSouth Sudan KuGroup K. UBroos uthi bazokujulukela ukungena kwi-AFCON.

“Ngifikelwa ukujabula uma ngibuka amaqembu esiqhathwe nawo kweyokuhlungela i-AFCON. Angeke ngiwabukele phansi lamaqembu.

“I-Uganda iyiqembu elingelula uma ubhekene nalo. Kufanele sikhuphule izinga uma sekuqala imidlalo. ICongo iyiqembu elidlala ngendlela ehlelekile. Bayingozi uma bedlalela ekhaya, kuzodingeka sizimisele uma sesibhekene nabo. 

“Angikaze ngiyibone iSouth Sudan idlala ngaphambilini. Kuzofuneka ngibukele imidlalo asebeyidlalile ngoba singalahlekelwa amaphuzu amaningi uma singababukela phansi,” kusho uBroos ecashunwa iSAFA Media.

UBroos uthi ukubuya nendondo yethusi kwi-AFCON edlalwe kulonyaka kuzobanyusela ukuzethemba ngaphambi kokuqala kwemidlalo yokuhlunga. 

Amaqembu azoqeda ekleliswe endaweni yokuqala neyesibili azongena egijima kulomqhudelwano ozosingathwa eMorocco ngoDisemba 2024 kuya kuJanuary 2025. 

“Nginyukelwa yithemba uma ngibheka imiphumela yethu kwi-AFCON edlalwe kulonyaka e-Ivory Coast, ngiphinde ngihlanganise nemidlalo yesihle. 

“Kubalulekile ukuthi siqhubeke nezinga esilikhombise kulonyaka. Angiboni sizobhekana nenkinga kuleliqoqo, kufanele sizibekisele ngendawo kwi-AFCON 2025 ezodingathwa eMorocco,” kusho uBroos.