Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uzishaya isifuba ngesinqumo sokubiza uThabang Monare esikwatini se-AFCON futhi akakugqiziqakala ukuthi ubesekhuhla ibhentshi kwi-Orlando Pirates ngaphambi kokumbiza.
UBroos ubehamba naye uMonare esithangamini sabezindaba, nokuyilapho lomdlali edalule khona ukuthi akumthusanga ukubizwa kwiBafana.
UMonare (34) uyena omdala kunabo bonke ngokweminyaka esikwatini. Lomdlali wayegcine ukuqokwa esikwatini ngoMashi wango-2022.
Yize kunenkulumo yabalandeli ethi uMonare ushaya umsebenzi othule enkundleni, kubukeka sengathi lomdlali ungene esikhaleni sikaBathusi Aubaas noSibongiseni Mthethwa abaxinwe ukulimala.
UBroos ukubeke obala ukuthi uqoke uMonare ngenxa yesipiliyoni nokuzikhandla kwakhe.
“Siyodlala kumqhudelwano obalulekile. Kuyenzeka uphume ngokushesha kumqhudelwano omkhulu ngenxa yokuqoka abadlali abasebancane ngokweminyaka kwazise abanaso isipiliyoni.
Kufuneka ubaxube abadlali, yingakho ngiqoke uThabang. Ngamqoka esikwatini ngaphambilini kodwa waphazanyiswa ukungadlali isikhathi eside kwiPirates. Akazange esadlala ngemuva komdlalo weFrance.
UThabang uyazitamuzela isikimu kulesizini. Ngibona ezokwazi ukusitakula ezinkingeni ngamagalelo akhe. UThabang unesipiloyini, ungumdlali osezingeni, ongakhathali ngokushesha. Ngimbizele lokho uThabang.
Bengikulindele ukuthi kuzoba nezinkulumo ngenxa yesinqumo engisithathile. Nginezizathu ezinhle zokuqoka uThabang,” kuchaza uBroos.
UMonare uzobanja ijezi noSiphephelo Sithole, Teboho Mokoena noJayden Adams enkabeni yesisu.
“Akungithusanga ukuqokwa kubadlali abangu-50 ababebhekwe umqeqeshi. Bengikulindele ukumela izwe. Bengizicijele ukuba yingxenye yeqembu, ngimele izwe,” kuchaza uMonare.