Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi usabheke okungenani eminye imidlalo emibili yokulungiselela i-2026 FIFA World Cup ngemuva ‘kokufunda izinto abengezazi’ kweyobungani nePanama.
UBroos ubeke kanje ngemuva kokubuka ezakhe zishaywa yiPanama ngo 2-1 izolo eDHL Stadium, eKapa.
“Sidlale kahle esiwombeni sokuqala. Sithole amathuba amathathu amahle okukora sangawasenenzisa, kubalulekile ukuvalela amathuba kumdlalo okulelizinga,” kusho yena engxoxweni neSABC Sport.
“Esiwombeni sesibili isishaye ngamandla iPanama, ibinamandla nesivinini ngaphezu kwethu, benze kwanzima ukuthi sidlale ngendlela esijwayele ukudlala ngayo.
“Ngangishilo ngaphambi komdlalo ukuthi izosivivinya kahle iPanama, sesiyazi adlala kanjani amanuye amazwe. Ngijabule ngokubhekana nayo. Esihluleke ukukwenza ngoLwesihlanu, iPanama ikwenzile namhlanje.”
β½οΈ πππ₯ππ£πππ₯ππ πππ π½π£ππππππͺ β½οΈ
— SABC Sport (@SABC_Sport) March 31, 2026
π₯ βΌββΆβ: π A rocket by Mbekezeli Mbokazi!
πΏπ¦ 1β£β1β£ π΅π¦
π¨ LIVE
πΊ SABC 3
π https://t.co/26PdrPrnVE#SABCSportFootball #BafanaBafana pic.twitter.com/xMMZ2OKR3r
“Ngeke kwenze umsebenzi wami ube lula kodwa kunezinto engizibonile namhlanje ebengingazazi, izinto ezibalulekile. Yikho ke ngibize abadlali abafana no-Ime Okon noBongokuhle Hlongwane. Bengifuna ukubabukela eduzane ngoba ngiyazi badlala kanjani emaqenjini abo.
“Ngisabheke eminye imidlalo ngaphambi kokuqala kweWorld Cup. Uma singathola iqembu lase-Europe ngingathokoza, nelilodwa lase-Asia ngoba sizobhekana neSouth Korea.”