Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uhlulekile ukufihla injabulo kulandela ukufaka iqembu kuma-quarterfinals e-AFCON ngokuhlula iMorocco ngo 2-0 ngoLwesibili.
IBafana ijikele iMorocco njengotshwala esiswini ishaya amagoli amabili esiwombeni sesibili.
U-Evidence Makgopa ushaye igoli lokuqala, elilandelwe yingcwenga ye-free kick kaTebogo Mokoena esikhathini esengezwe unompempe.
Ama-Atlas Lions athole amathuba angcono emdlalweni kodwa ahluleka ukuwasebenzisa. U-Achraf Hakimi ugeje iphenathi ebizolinganisa umdlalo ngomzuzu ka-85.
Ekhuluma nabezindaba, uBroos uthe uyaziqhenya ngokukhipha iqembu elikleliswe esicongweni ezikwatini e-Afrika.
“Akufuneki ngichaze ukuthi ngijabule namuhla. Sihlule iMorocco. Angijabuleli ukuthi sidlulele kuma-quarterfinals, kuyisipesheli ukuhlula iqembu elifana neMorocco.
“IMorocco inabadlali abasezingeni, sikwazile ukuyihlaziya. Silandele iqhinga elihlukile ngoba besiwuhlaziye kahle umdlalo,” kubeka uBroos ecashunwa abezindaba.
UBroos uthi umdlalo uvuleke esiwombeni sesibili ngoba lamaqembu abesabana kusaqala umdlalo.
“Siqale ngegiya eliphansi esiwombeni sokuqala. Womabili amaqembu abengafuni ukuhlasela ngenxa yokusaba. Umdlalo uvuleke esiwombeni sesibili, iMorocco yathola amathuba ambalwa. Sishaye igoli lokuqala emdlalweni, okuyinto ebalulekile.
“Silandelwe inhlanhla ngemuva kwegoli lokuqala ngoba iMorocco ibidlala ngamandla, izama ukusijuma ngamabhola emoyeni.
IMorocco iwatholile amathuba kodwa siyiqedele umoya ngegoli lesibili. Sijabule kakhulu ngomphumela,” kuchaza uBroos.
IBafana izobhekana neCape Verde kwiquarter-final ngoMgqibelo.