Obewumqeqeshi we-MC Alger uRulani Mokwena uzidonsele amanzi ngomsele ngokungayazi imthetho yase-Algeria ethinta ukunyakaza kwemali phakathi namazwe.
Ngokwemibiko uRulani uboshwe esikhumulweni sezindiza iHouari Boumediene Airport ngempelasonto edlule ngemuva kokubanjwa no €16,000 (R307,000) efuna ukuphuma nawe ezweni ngaphandle kokwazisa abomthetho.
Ngokwemithetho yase-Algeria, umuntu akavumelekile ukungena noma ukuphuma nesamba esiphezulu semali yangaphandle ngaphandle kokuvezela abomthetho ukuthi leyo mali iqhamukaphi.
Ngenxa yokuphula lo mthetho uRulani uboshiwe, wanikezwa isigwebo esilengisiwe nesexwayiso sokuthi angaphinde awephule lo mthetho.

UMokwena usanda kuhlukana neMC Alger e-Algeria kodwa usazohlala eNorth Africa njengoba ekhonjwa eqenjini elinemali ukuwadlula onke amanye eLibya i-Al Ittihad SC. Kuleli qembu uzojoyina uThembinkosi Lorch noStephen Aziz Ki okungabadlali abasayinisa esapheka iWydad eMorocco.