Umdlali obesechithe iminyaka edlala e-Europe kulandela ukufulathela elakuleli, uBongani Zungu, uthi uqoke ukubuyela kwiMamelodi Sundowns ngoba ebona izinga labadlali bayo.
Ngempelasonto edlule ngaphambi komdlalo neKaizer Chiefs, iSundowns yethula uZungu (29) kubalandeli bayo wamukelwa ngenkulu inhlokomo. IChiefs ibalwa kumaqembu ake azama ukushela uZungu, obesekuphele amasonto ehleli kuleli ethungatha iqembu. UZungu waba yingxenye yezicukuthwane ezazibuka iSundowns ihlephula iChiefs ngo 4-0.
Ekhuluma ne-Mamelodi Sundowns TV uZungu uthe uqoke iSundowns ngenxa yabadlali ebaphethe.
Ngishiye iSundowns ivele isezingeni eliphuzulu. Ngafika kuleli qembu ngisayintwana ngivela kumaTuks ngafunda okuningi. Leli qembu laguqula impilo yami, ngawina izicoco. Ngithe uma ngibuya ngabona ukuthi izinga likhuphukile futhi sekunabanye abadlali abasezingeni eliphezulu, nokuyinto ebe nomthelela kwisinqumo sami. Ngijabule kakhullu.
UZungu udlale imidlalo ewu-13 kwi-Amiens SC kuLigue 2 eFrance ngesizini edlule.
Lo mdlali kulindeleke ukuthi awugeje umdlalo wangempelasonto neSekhukhune ngenxa yokuhlala amasonto eziqeqesha yedwa.