Umgadli omusha weKaizer uCaleb-Bonfils Bimenyimana ubona engena kangcono emidlalweni elandelayo yeqembu.

Lomgadli uthole ijezi okokuqala bebuya nephuzu emdlalweni naMaZulu ngempelasonto edlule.

“Ngajabula sengibona ukuthi ngisohlwini lwabadlali. Ngabona injabulo kubalandeli ngesikhathi bengibona.

Lokho kwanyusa ukuzethemba kimi, kwangenza ngalithanda iqembu nabalandeli. Ngiyathemba ngizofunda okukhulu ethimbeni labaqeqeshi,” kubeka lomgadli ekhuluma nabezindaba.

UBimenyimana uthi ubengakaze wamukelwa abalandeli ngendlela okwenzeka ngayo emdlalweni woSuthu.

“Angikaze ngabhekana nenhlokomo efana naleya. Ngavele ngafuna ukungena enkundleni ngokushesha. Kunzima ukuchaza. Ngangifuna ukunaka umdlalo ngesikhathi ngizwa abalandeli bengijabulela.

Ngajabula ngithinta ibhola okokuqala. Ngaliphasela uKG (Kgaogelo Sekgota) esikhaleni, nganyukelwa ukuzethemba.

Ngizokhuphula amasokisi ngoba kuningi okufanele ngikwenze kangcono. Ngathola iphasi kuKeagan (Dolly) kanti sengiqhelile, ngagcina sengi-offside. Lezi yizinto ezincane engizosebenza kuzona,” kubeka uBimenyimana.