Umdlali we-Orlando Pirates uBandile Shandu ukholwa ukuthi bangayishaya kalula iTS Galaxy uma bengaqondanisa emapalini.
“Kufanele siqinisekise ukuthi siyawasebenzisa wonke amathuba esiwakhandayo kulomdlalo. Amathuba siyawakhanda, bheka imidlalo edlule.
Sithola inqwaba yamathuba ngoba siyiqembu elihlaselayo. Sizonqoba uma sizokwazi ukusebenzisa amathuba esizowathola,” kubeka uShandu.
IBucs neRockets bazotholana emdlalweni weDSTV Premiership e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.