Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola usephumela obala wacacisa ukuthi ngeke amvimbe umdlali wasePortugal, uBernado Silva, uma enesifiso sokujoyina iBarcelona kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali.

IBarcelona sekunesikhathi iveza ukuthi iyazifela ngoSilva, odlala ingcwenga yebhola esiswini, ngisho nomqeqeshi wayo uXavi akakufihli ukuthi umfuna eCatalunya lo mdlali oneminyaka ewu-28.

Ngemuva komdlalo wobungani obuphakathi kweBarcelona neMan City, ophele ngo 3-3, uPep uthe akekho umdlali angamqabela ukuthi ahambe uma efisa ukujoyina elinye iqembu.

“Uwumdlali wethu. Sifuna ahlale ngoba ubalulekile. Noma kuwumbono wami lowo, angifuni umdlali ahlale uma engajabule. Angifisi ukuthi ahambe ngoba uwumdlali oseqopheleni eliphezulu. Uma kukhona iqembu elizobeka imali etafuleni ezinsukwini eziyisikhombisa ezilandelayo, uma uBernado evuma ukuhamba, kuzomele sithenge omunye umdlali, okungekho lula manje. Nokho ke, uBernado uyayithanda iBarcelona, kakhulu,” usho kanje.

Kubuzwa umqeqeshi weBarcelona ngalo mdlali, uXavi uphendule wathi: “ubani ongamthandi uBernado Silva? Noma uHaaland noDe Bruyne? USilva uwumdlali othatha izinqumo ezinhle enkundleni, ulivikela kahle ibhola, muhle kakhulu ebholeni. Isinqumo sisezandleni zeCity, kodwa akukho okunye engingakusho okwamanje.”

USilva usasele neminyaka emithathu kwinkontileka yakhe kumaCitizens, okusho ukuthi iBarcelona kuzomele ikhiphe imali, le enganayo, ukuze imthenge. Kuzomele idedele inqwaba yabadlali ukuze ithenge uSilva.