Umqeqeshi weTS Galaxy u-Adnan Beganovic uhambe phezu kwamazwi kaVusumuzi Vilakazi ethi ezakhe zisethubeni elihle lokuqoqa amaphuzu aphelele emdlalweni wabo neKaizer Chiefs kule mpelasonto.

IThe Rockets naMakhosi bazotholana phezulu eMbombela Stadium ngeSonto ngo 15:30 ntambama kumdlalo wokugcina weligi ngaphambi kwekhefu le-Africa Cup of Nations.

Iqembu lika Tim Sukazi lizobhekana naMakhosi libheke ukubuyela kwi top 6 ngemuva kokulahla amaphuzu emdlalweni odlule ophele ngo 0-0 libhekene nePolokwane CIry.

“Sinomdlalo neKaizer Chiefs, esiwuthatha njengomdlalo wamanqamu,” kusho uBeganovic.

“Sifuna ukubuyela emuva nokuthile, sifuna amaphuzu amathathu azosibeka kumaphuzu awu-23 kwi-log.

“Kuzoba lula uma siya ekhefini sinamaphuzu awu-23…kodwa ngiyazi kuzoba nzima kakhulu kuwona wonke amaqembu uma sesidlala imilenze yesibili.”

IKaizer Chiefs yagcina ukushaya iTS Galaxy kumdlalo weligi ngesizini ka-2020/2021, inqoba ngo 1-0 eMbombela Stadium.

Ngesizini edlule badlala ama-draw kabili.