Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker uthi kuzobaluleka ukuthi bathole amaphuzu aphelele emdlalweni wabo neMarumo Gallants namhlanje eDanie Craven Stadium.

IStellenbosch FC, okuqale isizini ibalwa wuManqoba Mngqithi njengelinye lamaqembu azoba sembangweni wesicoco, idonsa ngodizili kwiDStv Premiership, isanqobe imidlalo emithathu.

Sekudlule imidlallo eyisithupha ingayazi i-win iStellies, kodwa uBarker ubona bengabuya namaphuzu aphelele namhlanje.

“Uma ubuka indawo esikuyo kwi-log, kungasisiza kakhulu ukuwunqoba umdlalo wethu neGallants. Amaqembu asondelene etafuleni, ukunqoba kuzosisiza ngaphambi komdlalo wethu neSekhukhune ngempelasonto,” kuchaza uBarker.

“Sidlalela ekhaya ngakho kumele sidlale ngendlela ezoqinisekisa ukuthi sithola amaphuzu amathathu. Sibhekene nesonto elikhulu ngoba sizodlala imidlalo emithathu ezinsukwini eziyisithupha.”

Uma inqotshwa yiGallants umdlalo wanamhlanje, iStellies ingazithola isikunombolo 14.