Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uthi unethembe lokuthi iRichards Bay FC izokwazi ukuphazamisa iMamelodi Sundowns embangweni wesicoco seBetway Premiership njengoba besazotholana eMhlathuze ngasekupheleni kwale nyanga.
U-Ouaddou ubeke kanje ngemuva kokuzizwela ukuthi kunzima kangakanani ukubhekana neNatal Rich Boyz eMhlathuze Sports Complex kumdlalo ophele zibambene ngo 2-2 ngoLwesihlanu.
Lokhu kushiye iPirates isele ngephuzu elilodwa kwiSundowns, enomdlalo esandleni futhi ezothola ithuba lokuvula igebe emdlalweni wayo olandelayo neStellenbosch FC. Ngemuva kwawo nokho, kufanele iyodlala eMhlathuze ngo-25 April. Ebuzwa ngalo mdlalo u-Ouaddou uphendile kanje: ‘Ngiyethemba [bazokwazi ukuyivumba] – iBay iqembu eliqinile futhi elihlelekile. Okunye okubalulekile wukuthi banomoya wokulwa enkundleni futhi bane-fitness ephezulu.
“Ngicabanga ukuthi bangelinye lamaqembu aphambili kwiPSL…onke amaqembu azodlala la azothwala kanzima. Sizowuqapha ngelokhozi umdlalo wabo neSundowns.”
Ebuzwa ngalokhu umqeqeshi weBay uPapi Zothwane uthe ixoxo nexoxo kufanele lizigxumele.
“Bangawabeki amathemba abo kithina ngoba sinomshini wethu, nabo banowabo,” kuphendula yena.
“Esihlale sikukhumbuza abadlali nje wukuthi akuphumi muntu la. Yingakho sisadliwe kanye kule nkundla kwimidlalo yeligi, ngesikhathi sibhekene ne-Orbit.”