Umqeqeshi owaqopha umlando esula esikhundleni sokupheka i-Orlando Pirates kwithelevishini eqeda ukufakwa induku enzima, uMuhsin Ertugral, usegxeke iKaizer Chiefs ngokuqoka ukuqasha umqeqeshi ‘engamazi’ ekubeni kukhona uPitso Mosimane.
IChiefs kulindeleke ukuthi imemezele umqeqeshi waseTunisia uNasreddine Nabi njengomqeqeshi omusha weqembu maduze. Umsizi wakhe kuthiwa uzotheleka kuleli ezoqala umsebenzi wokuhlaziya iqembu ukuze afike esemphungulele umsebenzi omhlalele.
Izindaba zokuqashwa kukaNabi zamukelwe ngezandla ezivulekile kubalandeli abaningi beChiefs njengoba iningi labo leneme ezinkundleni zokuxhumana ngoNabi. Sekuze kwavuka itemu lika ‘Nabi Wethu’ phakathi kwabo.
Noma kunjalo, u-Ertugral uthi isiphinde yashaya isikhala iChiefs esikhundleni somqeqeshi.
“Angisiboni isidingo sokunakwa komqeqeshi iChiefs engazi lutho ngaye ekubeni kukhona uMosimane ongaqashwe ndawo, ongakufihli ukuthi ukhule ewumlandeli weChiefs,” kusho u-Ertugral engxoxweni nephephandaba Isolezwe.
U-Ertugral uqhube wathi ukuqasha uMosimane bekuzokwenza izinto zibe lula kuMakhosi ngoba uyalazi ibhola lakuleli kanti uNabi kusazomele afike afunde ngalo.
IChiefs ijike endleleni ezingxoxweni zayo noNabi ngaphambi kokuqala kwesizini edlule, iqoka ukungamqashi ngoba efuna ukuza nabasizi bakhe.