Obengumqeqeshi weSpain, uLuis Enrique, usephumele obala wathi kunomdlali oyedwa afisa ngabe akambizanga esikwatini kwiNdebe yoMhlaba.
ISpain iphoxe abaningi iphuma kwi-round of 16 kade ithwele ngeqoma ngenxa yendlela edlale ngayo kuGroup E. Ekhuluma kwi-Twitch Stream ngoMsombuluko ebusuku, lo mqeqeshi uveze ukuthi kunomdlali oyedwa omphoxile eQatar.
“Umdlali oyedwa kodwa ngeke ngiliveze igama lakhe. Lo mdlali uhlulekile ukudlala ngendlela ebengizitshela ukuthi uzodlala ngayo, ukube kuya ngami bengizomshintsha ngibize omunye,” kusho u-Enrique.
Uqhube wathi kwakumele anikeze umdlali wePSG, uPablo Sarabia, isikhathi esithe xaxa enkundleni. USarabia udlale imizuzu emihlanu kuphela kwiWorld Cup.
U-Enrique uphethe ngokuveza ukuthi weseka uMessi manje ngoba umfisela ukuthi anqobe iNdebe yoMhlaba.