Umqeqeshi obambile kuMaZulu FC u-Ayanda Dlamini uthi ubewazi amaqhinga azosetshenziswa wuBrandon Truter emdlalweni wabo wayizolo ngoba uchithe isikhathi eside naye.
“Bengisondelene naye kakhulu ngesikhathi esaqeqesha kuMaZulu futhi besisondelene ngokomsebenzi. Bengazi ukuthi uma eza namaqhinga engiwaziyo singakwazi ukumelana nawo sithole umphumela esiwufunayo,” kusho uDlamini ngemuva komdlalo.
“Kumele ngincome abadlali kodwa ngendlela abalwe ngayo namhlanje. Sibe nebhadi ukuthi singanqobi sibhekene neCape Town City ngokunjalo nakoweSuperSport United. Ukube kuya ngami ngabe ngithi isikwati sonke sibe ama-man of the match ngenxa yendlela abadlale ngayo…ngijabule kakhulu ngomphumela.”
UDlamini uthe kulo mdlalo utshele abadlali bakhe ukuthi badinga ukuqinisekisa ukuthi abangenisi goli ngoba emdlalweni edlule inkinga yabo kube wukudedela amagoli kalula emuva.