Umqeqeshi we-Arsenal uMikel Arteta usole abadlali bakhe ngokubhacaza emuva kulandela ukushaywa yiManchester City ngo 3-1. ICity ikhuphukele kunombolo 1 ngemuva komphumela wayizolo kodwa i-Arsenal isanomdlalo esandleni.
U-Arteta uthi abadlali bakhe baphe iCity amagoli amathathu kodwa wavuma nokuthi abahlaselayo bebengenza kangcono phambi kwepali.
“Ukuze sishaye iCity kuzomele sikhuphule izinga ngoba bayiqembu elihle elinabadlali abasezingeni eliphezulu. Besilingana nabo kodwa benze kangcono kunathi uma bengena ebhokisini lethu.
“Esiwombeni sesibili asidlalanga kahle, besijaha sazifaka enkingeni. Indlela esidedele ngayo amagoli kuleli zinga ayivumelekile. Sibaphile amagoli,” kusho u-Arteta.
“Ngisakholwa wukuthi singasinqoba isicoco ngoba iqembu lami likwazile ukumelana nabo. Kumele senze kangcono nje emdlalweni olandelayo.”
I-Arsenal izobhekana ne-Aston Villa ngoMgqibelo ngo-14:30.