Umethuli wezinhlelo ophinde abe ngumrepha u-Anele Zondo umemezele ukuthi ubeka phansi izintambo ohlelweni lomculo kuMzansi Magic, iMassive Music.

U-Anele ubesehlale iminyaka emine kuloluhlelo, eshiyelana inkundla noSmashAfrika noLala Hirayama.

Ubhale ezinkundleni zokuxhumana ememezela ukuthi uyagcina ukubonakala kukoluhlelo ngomhlaka 29 ku-Ephreli.

“Kuyona yonke leminyaka, bengilokhu ngiyingxenye yezimpilo zenu kumabonakude. Ngibe nethuba lokushiyelana inkundla nabaculi abahlonishwayo kuleli, ngiyohlezi ngilibonga lelothuba,” kubhala u-@AneleNeythebae.

“Njalo ngoLwesihlanu, bengingena esiteji ngizigqaja, ngimele Isiteshi esidlala umculo waseNingizimu Afrika ngendlela ehlukile engungqaphambili.”

Uthe uzoqhubeka nomculo kanye nokulingisa kumabonakude.

“Ngiyavalelisa kuMassive Music kodwa ngibongele la amanye amathuba azongikhulisa empilweni nasendimeni engikuyo.”

U-Anele uphinde wabonga ozakwabo ababili uSmash Afrika noLala Hirayama abethula loluhlelo, noSipho Ngwenya ongumhleli kuMzansi Magic.

“Ngibonga kakhulu kuSipho ngokukholelwa kimi, ithimba eliqopha iMassive Music, abethula bohlelo abanekhono elimangazayo uLala Hirayama noSmash Afrika kanye nakubo bonke abantu abakholelwe kimi.”