Umqeqeshi weReal Madrid ochithe isikhathi eside nestobha uSergio Ramos uthi amava alo mdlalo angalikhuphula izinga leSpain kwiFIFA World Cup eQatar.
ISpain iqhathwe neCosta Rica, Germany neJapan kuGroup E. KwiNdebe Yomhlaba yango-2018 yakhishwa yiRussia kwi-last 16. Kulokhu lelizwe lizozama okungenani ukufinyelela kuma-semi final. U-Ancelotti uthi bazomdinga uRamos ongasavamile ukubizwa eqenjini lesizwe.
“URamos kumele aye eQatar ngenxa yezinga lakge namava anawo, angikungabazi lokho. Ngisambala kwizitobha eziphambili emhlabeni njengamanje.
Ebuzwa ngendawo yakhe kwiSpain uRamos ngemuva komdlalo wePSG kuleli sonto uthe konke kusezandleni zikaLuis Enrique (oqeqesha iSpain).
“Wonke umuntu uyazi ukuthi kusho lukhulu kimi ukulwela ijezi leSpain. Ngizizwa ngisezingeni elifanele futhim, ngikulungele ukudlala, kodwa konke kusezandleni zikaLuis Enrique, engimhloniphayo kakhulu. Kungangijabulisa kakhulu ukudlala kule World Cup. Ngiyethemba ngizoya eQatar.”