Umqeqeshi weReal Madrid uCarlo Ancelotti uthi akakhathazekile ngefomu kaKylian Mbappe ongakalitholi igoli kwiLa Liga emidlalweni emibili. 

UMbappe waqala ngegiya eliphezulu evalela igoli emdlalweni we-UEFA Super Cup behlula i-Atalanta ngo 2-0 ekuqaleni kwenyanga. 

Izinto azikamhambeli kahle kweyeligi njengoba engakayibhakuzisi inethi emidlalweni emibili. UMbappe ukhishwe ngomzuzu ka-86 emdlalweni weligi behlula iReal Valladolid ngo 3-0 eSantiago Bernabeu izolo. U-Endrick, ongene yakhe, ubhakuzise inethi esikhathini esengenziwe. Amanye amagoli eMadrid ashaywe uFederico Valverde noBrahim Diaz. 

Lomgadli waseFrance wathwala kanzima bebhekene neMallorca emdlalweni wokuvula iligi owaphela zibambene ngo 1-1.

U-Ancelotti ukuphikile ukuthi uMbappe uboziswa ukuqaliswa njengomgadli ekubeni engumdlali ovamise ukuqhamuka ophondweni lwesokunxele. 

“Angicabangi ukuthi indawo ayidlalayo iyambozisa. UMbappe uwunyazi lomgadli futhi uyashesha. Unendlela yokuvula izikhala noma engaliphethe ibhola. Uthole amathuba amathathu namuhla. Ngikholwa ukuthi uzogcina elishayile igoli ngoba uyayazi inethi. Angiboni kudingeka aqaliswe kwesokunxele ophondweni, amagoli azozifikela,” kusho u-Ancelotti ekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo.

U-Ancelotti uncome no-Endrick, ongomunye umgadli omusha kwiLos Blancos. 

“Seliyabonakala izinga lakhe. Unekhono eliyisimanga, igoli alishayile likhombise ukuvuthwa kwakhe. Unendlela enhle yokubamba ibhola futhi neshodi uyalidedela. Uyingozi ebhokisini, nezikhala ezincane uyakwazi ukuzisebenzisa,” kusho u-Ancelotti. 

IMadrid izotholana neLas Palmas koweligi ngoLwesine. Ezika-Ancelotti zizovala neReal Betis emdlalweni wokugcina ngaphambi kwekhefu leFIFA.