Umgadli waseCameroon, uVincent Aboubakar, uthi akayiboni into ebatshazwa kumdlali weLiverpool uMoh Salah.

U-Aboubakar (30) odlalela i-Al Nassr eSaudi Arabia futhi owukapteni weCameroon, uthi naye angakwenza okwenziwa yilo mdlali wase-Egypt ukube udlalela iqembu elikhulu njengeLiverpool.

“Akangichazi. Nami ngiyakwazi ukwenza izinto adume ngazo, ngishaywa ukuthi angikaze ngilithole ithuba lokudlalela iqembu elikhulu,” kusho u-Aboubakar ekhuluma ne-90FootballFr.

“Ngiyaqonda ukuthi abantu bazizwa kanjani ngaye. Ungomunye wabagadli abaphambili kwiPremier League yikho abantu bekhuluma ngaye. Kodwa nami nginombono wami ngaye, anginendaba nabawuphikisayo.”

Lo mdlali uthole indondo yeGolden Boot kwi-Africa Cup of Nations nonyaka evalela amagoli awu-8.

USalah ubukeka ebuyelwa umgqigqo aziwa ngawo phambi kwepali kule sizini njengoba evalele amagoli amabili ngempelasonto iLiverpool idlala neTottenham. Usenamagoli awu-6 emdlalweni ewu-13 kwiligi. U-Aboubakar usavalele amagoli amabili kuphela emdlalweni ewu-8 kule sizini.