Kubikwa ukuthi usihlalo weTottenham, uDaniel Levy, akazimisele ngokudedela umgadli wase-England uHarry Kane nakuba kunamaqembu amathathu okuthiwa ayamfuna e-Europe.
Kulawo maqembu kubalwa iManchester United, Bayern Munich neChelsea. Izolo emdlalweni weMan United neSpurs abalandeli be-United baculele uKane bathi bazombona ngoJune.
Ngenyanga edlule nokho uLevy waveza ukuthi engathanda uKane ahlale kwiTottenham ngoba esangazinqoba izinkomishi kuleli qembu nakuba engakanqobi neyodwa selokhe aqala ukuyidlala.
Njengoba iChelsea kulindeleke ukuthi imemezele uMauricio Pochettion njengomqeqeshi omusha weqembu kulindeleke ukuthi acele ukuthenga lo mgadli kwiSpurs njengoba sebeke basebenza ndawonye.
IChelsea izimisele nangoMane
Ngokwemibiko evela e-UK iChelsea izimisele ngokusayinisa uSadio Mane kwiBayern Munich. UMane ushiye iLiverpool wajoyina iBayern ekuqaleni kwesizini. Ufike washaya amagoli awu-11 emdlalweni ewu-23, kodwa waphazanyiswa ukulimala ngaphambi kweFIFA World Cup nyakenye.
UMane uzidonsele amanzi ngomsele elwa noLeroy Sane kulandela ukukhishwa kweBayern kwiChampions League, kangangokuba kwaze kwadingeka uSane ukuthi amcengele kubaphathi ukuthi engaxoshwa. IChelsea ibalwa kumaqembu azimisele ngokubuyisa uMane kwiPremier League.
Sisakhuluma ngeChelsea neBayern, kubikwa ukuthi uTuchel uhlela ukuthenga uMateo Kovacic obalwa kubadlali abazimisele ngokuhamba eStamford Bridge uma kuphela isizini.
Angase akhuze ibuya kwiMadrid uZidane
Umlando ungase uziphinde kwiReal Madrid njengoba sekuvela imibiko yokuthi abaphathi bayo bahlongoza ukubuyisa uZinadine Zidane uma kuphela isizini. Phambilini uZidane uke wathatha izintambo kuCarlo Ancelotti, waqopha umlando neMadrid ngaphambi kokuthi esule, kwabuyiswa u-Ancelotti.
U-Carlo ungaphansi kwengcindezi kwiMadrid kule sizini njengoba ezakhe zihlulekile ukuvikela isicoco seLaLiga futhi nakwiChampions League kusangenzeka noma yini njengoba iqhathwe neManchester City evutha ingabaselwe.
Ngaphezu kwalokho u-Ancelotti ukhonjwa kwiBrazil.
Ukuqashwa kukaZidane kungase kuphuthumise nokusayiniswa kukaKylian Mbappe osekunesikhathi iMadrid imshela. Okungase kuphazamise iMadrid nje wukuthi iPSG nayo kuthiwa izimisele ngokusayinisa uZidane kwesokuqeqesha.