Umgadli weSuperSport United u-Iqraam Rayners uthi bazolwela ukubuya namaphuzu amathathu kwiKaizer Chiefs abazodlala nayo kwiligi ngoMgqibelo.
“Lesi yisikhathi esihle sokuhlangana neChiefs, siphinde siyibhaxabule ngoba iyaboza kulezinsuku. Sifuna ukuvala umgqigqo wayo kodwa silindele umdlalo onzima.
Kufanele silwele amaphuzu amathathu kulempelasonto. Sinethuba lokufaka usawoti ubuhlungu esilondeni seChiefs.
Abadlali bajabule ekhempini, imimoya iphezulu, silwela ukubuya namaphuzu amathathu kulempelasonto. Alikho iqembu esilisabayo kwiligi. Singakwazi ukuqoqa amaphuzu amathathu emaqenjini ahlukene uma sizobheka umdlalo ngamunye,” kubeka uRayners.