Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic ubona kuyi-Orlando Pirates engakwazi ukuqeda ngokucanasa kweMamelodi Sundowns kwiPSL.
ISundowns yanqoba zonke izindebe ngesizini edlule, nabadlali bayo bashanela izindebe ngesikhathi sekunikezelwa ngemiklomelo sekuphele isizini.
“Iligi izoshuba kakhulu kulesizini ngoba akuqondakali ukuthi yiliphi iqembu elidlala kahle. Iqembu liyakwazi ukuqhwakela uma linqoba imidlalo emibili, kuyenzeka lihlehle kakhulu uma lihluliwe kabili.
Isizini izoshuba kakhulu, ngibona kuzovela amaqembu amane azokwazi ukuqophisana neSundowns kulonyaka.
I-Orlando Pirates yilona kuphela iqembu elingakwazi ukuhlwitha iligi kwiMamelodi Sundowns. IPirates inabadlali abasezingeni, umqeqeshi wabo uhlakaniphile futhi nesikwati sabo sikhulu. Yilona kuphela iqembu elingamelana neSundowns kulesizini,” kubeka uRamovic.