Usihlalo weChippa United, uSiviviwe ‘Chippa’ Mpengesi, uthi namanje basalwela ukuqinisekisa ukuthi iChilli Boys iyalivika izembe uma kuphela isizini.
UMpengesi uveze lokhu engxoxweni neSABC Sport ngemuva komdlalo wezakhe neRichards Bay FC ophele ngo 3-3 kade bedliwa ngo 2-0.
Izinto ziyihambela kahle iChippa selokhe kuqashwe uMorgan Mammila oseyibeke kunombolo 6 kwi-log yeDStv Premiership. Umehluko mkhulu kwiChilli Boys kule sizini noma ingaqala kahle isaqeqeshwa wuDaine Klate. Ngesizini edlule iChippa iqoqe inqobe kahlanu kuphela emdlaweni ewu-30. Kule sizini isinqobe emihlanu emdlalweni ewu-12. UMpengesi nokho uthi basalwela ukuvika izembe.
“Sizohlela kahle njengoba iligi izohlaba ikhefu. Sinezinyanga ezimbili zokulungisa izinto ne-technical team. Into ebesifuna ukuyigwema ukuhlaba ikhefu sidliwe, ngoba ugcina usathatha izinqumo ngabadlali ngokutatazela, ubuye ucabange nokuthi ngabe nabaqeqeshi bakulungele yini ukuqhubeka nomsebenzi.
“Isifiso sethu kusawukuvika izembe, ukungena kwi-top 8 kuzoba yibhonasi kodwa thina sifuna ukuvika izembe,” kusho uChippa.
UMpengesi uthi akafisi ukuthi lingabibikho iqembu elivela e-Eastern Cape kwiDStv Premiership.