Umqeqeshi weBafanaa Bafana uHugo Broos ulindele umdlalo onzima komakhelwane beNingizimu Afrika, iZimbabwe, kodwa ubona ezakhe zibuya namaphuzu aphelele namhlanje.

IBafana ingaphansi kwengcindezi yokuthi iqoqe amaphuzu aphelele namhlanje njengoba iNigeria idliwe yiBenin ngoMsombuluko. Uma inqoba iBafana izoba sethubeni elihle lokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba engo-2026 kwazise uwodwa kuphela umdlalo esazowudlala ekuhambeni.

UBroos uthi ezakhe ziyicijele iZimbabwe ngoba abadlali bathole isikhathi esiningi sokuphumula nokuhlelela umdlalo.

UBroos uncome abadlali ngokuqina ukhakhayi bebambana neNigeria, waphinde wagcizelela ukubaluleka kokunqoba ekhaya.

“Ngiyajabula ngoba abadlali bazofika emdlalweni beyimqemane uma ngiqhathanisa nokwenzeka ngoLwesihlanu sidlala neNigeria. 

“Abadlali bazobe besesimeni esihle, bathole isikhathi esiningi sokulala kusukela ngoMgqibelo. Sifike eNingizimu Afrika ngehora lesithupha, sathola isidlo sakusihlwa ngehora lesishiyagalombili. 

“Abadlali bayinqemane. Akekho umdlali olimele, uPercy (Tau) kuphela othintekile kodwa uzobe eseluleme kusasa. Kuyaphoqa ukuthi siwunqobe lomdlalo,” kubeka uBroos ekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko.

“Kumele sinqobe kusasa (namhlanje) kodwa ngeke kube lula,” kusho uBroos.

“IZimbabwe ishaywe yiLesotho ngo 2-0. Igoli lokuqala kwaba yiphutha likanozinti, elesibili bazakhela, kodwa umdlalo wawuphethwe yiZimbabwe.

“Bayiqembu elinzima, futhi emlandweni bahlale beyinikeza inkinga iNingizimu Afrika. Ngiyakholelwa kwiqembu lami. Uma sizodlala ngendlela esadlala ngayo ngoLwesihlanu sisekuhambeni, ngiyakholwa ukuthi singanqoba uma sesibhekene neZimbabwe.