Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro, onqobe imqhudelwano emibili kwisizini yakhe yokuqala kweZimnyama, uthi abadlali bakhe bafunde okuningi kwiNedbank Cup.
IPirates inqobe iNedbank Cup iguqisa iSekhukhune United ngo 2-1 eLoftus Versfeld Stadium ngoMgqibelo.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uRiveiro uncome ezakhe ngokunqoba wonke umdlalo owumkhumulajezi abawudlalile kule sizini.
“Sikwazile ukunqoba yonke imidlalo ewumkhumulajezi kule sizini, ngicabanga ukuthi lokhu kuzobasiza kakhulu abadlali beBucs.
“Saba nomdlalo onzima sibhekene ne-All Stars FC, uma ngikhumbula kahle sathola ikhadi elibomvu kulowo mdlala. Umdlalo neVenda Academy kwakumele ube lula ngemuva kokukora, kodwa umdlalo wagcina uye kwi-extra time. Umdlalo neDondol Stars wawumangalisa kakhulu, saphinde sabhekana neChiefs.”
IPirates isizolungiselela ukudlala kwiCAF Champions League nokuqhudelana neMamelodi Sundowns kwisicoco seligi ngesizini ka-2023/2024.