Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, usephumele obala ngesifiso sabo sokunqoba iMTN8 ezoqeda indlala yezindebe kuMakhosi njengoba agcina ukuphakamisa inkomishi ngo-2015. NgeSonto iGlamour Boys izobhekana naMaZulu kumlenze wokuqala we-semifinal eFNB Stadium. Uma benqoba isemifinal bazobhekana ne-Orlando Pirates noma neMamelodi Sundowns abazongqubuzana ngoMgqibelo.
“Ngiyazi kubaluleke kangakanani ukuthi sifinyelele kowamanqamu, nokuthi siwunqobe lo mqhudelwano,” kusho uMangethe ekhuluma nabezindaba izolo.
“Kodwa ngeke sikhohlwe okunye esizama ukukuzuza. Kumele sikhululeke ngendlela esidlala ngayo ngoba asidlaleli ukunqoba iMTN8 kuphela, kodwa sicabanga nangekusasa. Asifuni ke ukucabanga kakhulu ngokunqoba lo mdlalo ngoba sizogcina silahlekelwa indlela esifuna ukudlala ngayo, sigcine sesizibuza ukuthi uma singanqobi kuzolandelani?”
“Nakanjani kodwa sifuna ukuwunqoba lo mqhudelwano. Sizozama konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi umdlalo siyawunqoba, siye kowamanqamu, siwine.”
Uma uZwane ephumelela, kuzokwehlisa ingcindezi kuyena njengoba iqembu lingenzi kahle kwimidlalo yeDStv Premiership.