Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uncome indlela abaqale ngayo umdlalo beshaya iGolden Arrowns ngo 2-0 koweDStv Premiership ngoLwesibili eThekwini.
URiveiro uthe ujabule ngakubone kulo mdlalo, ikakhulukazi kwimizuzu engu-25 uqalile umdlalo. Omabili amagoli ePirates avalelwe wuMonnapule Saleng.
“Sidlale ngendlela ebengifuna sidlale ngayo. Siqale umdlalo ngendlela esivame ukuwuqala ngayo uma sidlalela ekhaya. Abadlali benze umsebenzi oncomekayo, ikakhulukazi kwimizuzu yokuqala engu-25, besidlala ibhola elihle. Besingalishaya elinye igoli ngaphambi kokuthi siye ekhefeni,” kusho uRiveiro.
Uthe akumgculisanga ukuthi bahlulekile ukukora esiwombeni sesibili ngoba i-Arrows ibisangabuya emdlalweni.
“Kukho konke kodwa sidlale kahle namhlanje futhi abesifanele amaphuzu amathathu.”
IPirates ikhuphukele kunombolo 4 ngemuva kwalo mdlalo. Izobhekana neMemolodi Sundowns emlenzeni wesibili wesemi-final yeMTN8 kule mpelasonto.