Oyiphini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Joe Phaahla, uthi isifo sikashukela siyimbangela yokushona kwabantu besifazane abaningi kuleli. 

UPhaahla uveze ukuthi isifo sikashukela silandela ngemuva kwisifo sofuba ngokuba umbulalazwe. 

NgoMsombuluko, uPhaahla uveze izinhlelo zoMnyango zokulwisana nezifo ezingumbulalazwe. 

On Monday, Deputy Health Minister Joe Phaahla outlined the department’s response to the emerging pandemic of lifestyle diseases at a round table discussion between research agencies from Canada, China, India and the World Health Organisation in Pretoria.

Ekhuluma ePitoli, uPhaahla uthe lezifo okukhona kuzo esikashukela, iphika nomdlavuza, zibhekwe ngeso lokhozi aboMnyango wezeMpilo. 

UPhaahla uthi isifo sikashukela sabhubhisa u-6,6% wabantu bakuleli ngonyaka ka-2020 kusahlasele igciwane le-COVID-19.

“Uma sibhekisisa ngokobulili, kuyabonakala ukuthi isifo sikashukela yisona esibulala abesifazane njengoba sesikhuphukele ku-8,2%. Isibalo sasingaphansi ku-7,7% ngo-2020. Isivinini sokuhlasela kwesifo sikashukela siyakhathaza,” kusho uPhaahla obekhuluma emcimbini obuhanjelwe amazwe okubalwa kuwo iChina, India, Canada kanye nenhlangano yezempilo iWorld Health Organisation (WHO). 

UPhaahla uthi izibhedlela nemitholampilo ziyalekelelwa ngezindlela zokuhlola iziguli ezihlaselwe yizifo ezingathelelani. 

“Ukulekelela izibhedlela nemitholampilo kuyingxenye yokulwisana nezifo ezingathelelani. UMnyango umatasa ngezinhlelo zokuqinisekisa ukwelashwa kweziguli ngaphandle kwezindleko. Emitholampilo kahulumeni, iziguli zelashwa mahhala. Siyaqhubeka nemizamo yokuhlinzeka izibhedlela ngamaphilisi nemijovo ebalulekile,” kuchaza uPhaahla. 

Ngo-2018, uHulumeni waphasisa umthetho wokudonswa kwentela kwiziphuzo ezithakwe ngoshukela omningi.

Ongoti bezempilo bathi kuningi okumele kwenziwe ukuze kuzonqandeka izifo ezifana noshukela nokukhuluphala okweqile. 

UPhaahla ukuvumile ukuthi uMnyango ungenza okuningi ngemali eqoqwe kwintela kashukela. 

“Kufanele siyisebenzise imali esiyiqoqa ngentela kashukela. Ngiyavuma ukuthi asikwenzile okufanele ngalemali. UMnyango uqoqa imali elinganiselwa ku-R2 billion odluliselwa esikhwameni sikahulumeni. UMnyango uthola imali encane kulentela,” kubeka uPhaahla.