Umqeqeshi weKaizer Chiefs uBen Khalil Youssef udlulise amazwi okuxolisa kubalandeli baMakhosi izolo ngemuva kokushaywa yiStellenbosch FC ngo 2-1 koweligi.
Amakhosi akore kuqala kulo mdlalo, kwayiwa ekhefini ehamba phambili ngegoli elivalelwe wuFlavio Da Silva ngomzuzu ka 36.
IStellies sibuye ngamandla esiwombeni sesibili sivalela igoli lokulinganisa umdlalo ngomzuzu ka 51, uDevin Titus waqedele umsebenzi ngomzuzu ka 87.
Quality from Devin Titus 🤩💥
— SuperSport Football ⚽️ (@SSFootball) February 24, 2026
He helps Stellies to a vital three points at FNB Stadium 👏#BetwayPrem | #SSDiski pic.twitter.com/XoYyCFfEx2
Lo mphumela ushiye Amakhosi kunombolo 4 kwi-log yeBetway Premiership, isele ngamaphuzu awu-8 kwiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates abanamaphuzu alinganayo.
“Besiwuphethe umdlalo esiwombeni sokuqala kodwa sahluleka ukuqed ngabo,” kusho uKhalil Youssef ngemuva komdlalo.
“Siphinde saqala kahle esiwombeni sesibili kodwa sadedela igoli kusadlule imizuzu emihlanu. Ngicabanga ukuthi kufanele sizinuke amakhwapha, sivume amaphutha, sihlaziye ngendlela efanele.
“Kufanele sixolise kubalandeli. Sinezinsuku ezintathu ukulungiselela umdlalo olandelayo, akukho okunye okuningi engizokusho ngalo mdlalo – kodwa ke yah, siphinda amaphutha awodwa.”
IKaizer Chiefs iphinde yabhekana nesifo sayo esidala kulo mdlalo sokugeja amathuba okukora. Kwayiwa ekhefini le-Africa Cup of Nations ngonyaka odlule abaqeqeshi beChiefs bethe bazoyilungisa le nkinga, kodwa selokhu kuqale unyaka iChiefs ithwala kanzima ukubeka ibhola enethini kabili, isikhathi esiningi ivame ukuwina ngoqhwasha.