Omunye wabaqeqeshi ababambile kwiKaizer Chiefs uKhalil Ben Youssef uthi uma beqede endaweni yesithathu kule sizini bayobe basebenzile ngoba wumbandela abawubekelwa ngesikhathi benikezwa izintambo zokupheka iqembu.
Lo mqeqeshi uthi sasingekho isidingo sokushintsha izinhlelo zabo ngabafuna ukukuzuza kule sizini, kodwa inkinga ababhekana nayo wukuthi uma like lanqoba ngisho kanye iKhosi kuvele kukhulunywe ngesicoco seligi.
Kule mpelasonto iChiefs izotholana phezulu ne-Orlando Pirates kumdlalo weligi. Kuzokhumbuleka ukuthi kwiSoweto Derby edlule iChiefs yahamba iswele umgodi wokucasha inenebulwa ngo 3-0.
NgeSonto inethuba lokubuyisa izinduku, kodwa uKhalil uthi umdlalo wamaphuzu amathathu nje kuphela ongatheni.
“Sidlalela amaphuzu amathathu,” kusho yena esithangamini nabezindaba izolo.
“Uma siwina, ngabe lokho kuzosinikeza isicoco seligi? Ngabe sizothola amaphuzu ayisithupha bese kushintsha izinto?
“Njengoba ngishilo, umdlalo weligi. Yebo umdlalo wabakhaya, kodwa ekugcineni umdlalo weligi.
“Besazi sifunani ekuqaleni kwesizni; asikho isidingo sokukushintsha lokho. Kodwa inkinga sifike siwine umdlalo owodwa bese kukhulunywa ngokunqoba isicoco seligi. Udliwe kanye, bese kuthiwa yonke into iyabheda.
“Ekuqaleni kwesizini sakhuluma ngokudlala esigabeni samaqoqo kwiCAF, sakwenza lokho, saba neshwa ngemizuzu yokugcina ukuthi singadluleli esigabeni esilandelayo.
“Sathi kwiPSL kufanele okungenani siqede kunombolo 3, sikuwo njengamanje. Iyonanto engiyibona ibalulekile leyo.”