Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi iSAFA iyona ewumsuka wezinkinga ezikhungethe iqembu lesizwe ngoba ayihlelekile ngendlela.
UBroos uthi iBafana angeke iye ndawo noma ingalanda uPep Guardiola ongumqemqeshi ohlonishwayo emhlabeni.
Lomqeqeshi uthi indlela ekulawulwa ngayo iSAFA inobuhlathi kakhulu.
“ISAFA kufanele iphucuke ngoba ngiyibona ingahlelekile. Zonke izinto ziyabheda. Kukhona umuntu owangitshela ukuthi izinkawu zithanda amakinati okuchaza ukuthi ukungazikhandli emsebenzini wakho akunamphumela. Lelo yiqiniso.
Angeke siwine lutho ngisho kungaqashwa uGuardiola. UGuardiola usebenzile ngesikhathi ebumba leliqembu asenalo. Kuyasetshenzwa kakhulu uma ufuna ukwakha iqembu eliqinile.
Yinto efanayo ngisho kwiSAFA. Kudingeka abantu abazikhandlayo. Lenhlangano kumele ihleleke ukuze kuzobonakala imiphumela,” kubeka uBroos.