Owayengumdlali weKaizer Chiefs osehlaziya ibhola, uJunior Khanye, uthi akaliqondi kahle ibhola elidlalwa Amakhosi kodwa uyawabongela ngokunqoba.
UKhanye ubeke kanje ngemuva komdlalo onqotshwe yiChiefs ngo 2-0 ibhekene neStellenbosch FC izolo, kanti usole iStellies ngokuzigwaza ngowayo ngokuqala ukudlala sekungene igoli.
“Angazi bakora kanjani, kodwa ngiyababongela ngokunqoba imidlalo emibili kulandelana. Imidlalo efana nale ibuye idinge khona ukuthi unqobe ngendlela engaqondakali, kodwa akukho lula uma usubhekene namaqembu adlala njengeSundowns,” kusho uKhanye ngemuva komdlalo.
“Esiwombeni sokuqala abadlali basesiswini bahlulekile ukuthola abadlai abahlaselayo phambili. Indlela abadlala ngayo uma besuka emuva beya phambili ayihlangene kahle. Uma ngikhuluma iqiniso nje isisu sabo besingekho kulo mdlalo. Ayikho into edlalwe wuMmodi noma ekorile, noPotsane ubengekho, noDu Preez ubengekho. NoMdantsane akadlalanga kahle.”

UKhanye uqhube wancoma iStellies ngendlela edlale ngayo kodwa wathi izigwaze ngowayo ngokusebenzisa isivinini ngisho singekho isidingo.
“Badlale kangcono sekuphume umdlali ngekhadi elibomvu, futhi banabadlali abangcono esiswini.”