Sanele Dlamini

Ngifisa ukuthatha leli thuba ngike ngibonge/ngincome impatho yase Mojos Carwash & Shisanyama ngeledlule ngesikhathi ngithenga khona ngohlelo lokulethelwa ukudla ekhaya (delivery).

Njengoba kusanemigomo elawula izindawo zokudlela, ngeledlule leli kloza eliyimina lizithole liyifuna la inyama eyosiwe. Angizihluphanga ngoMr D Foods no Uber Eats ngoba vele azikho izindawo ezidayisa ukudla kwakithi lapho. Ngibe sengibheka eziseduzane nami, ngakhumbula ukuthi kuneMojos la eMayville. Angibange ngisapholisa maseko ngabashayela ngemuva kokuthola inombolo yocingo abathintwa kuyo uma ufuna ukuthenga ulethelwe ukudla noma ukulande uma sekudlule isikhathi.

Ngangingekho ke esimeni sokushayela (kwakunjalo nkabi yami 🍻) ngabacela ukuthi bangilethele. Ngifisa ukudlulisa ukubonga kwinsizwa eyabamba ucingo yabingelela ngesikhulu isizotha ingibuza ukuthi ngifisa ukuthengani. Isikhathi sase sihambile kancane kuyoshaya u-7 uma ngingaphosisi, wachaza ukuthi izimoto zisaphumile kodwa bazongenzela bangilethele uma kukhona ebuyayo, ngabeka i-order lami.

Akuphelanga sikhathi esingakanani wangishayela waqinisekisa ukuthi usekhona umshayeli nenyama isisemlilweni. Engakuthanda kakhulu sebefika belethe ukudla baqhubeka balandela imigomo ebekiwe yokunqanda ukusabalala kweCovid-19 njengoba babephethe isibulali-magciwane befake nezifonyo. Angidingi ke ukuyichaza eyobumnandi benyama yakhona. Ngiyaxolisa ukunivusa ngenyama ekuseni.

Ave ngihlabeke umxhwele ngempatho yabo. Yimaphi amabhizinisi akugeze ubebebe ngempatho yabasebenzi muva nje?

Unombono ofisa ukuwudlulisa? Ungasibhalela la: info@gibela.co.za