Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic uthi isikwati aqobe ngaso amaqembu endleleni ebheke kowamanqamu weCarling Knockout simfundise ukuthi  ukuthenga abadlali ngezizumbulu zezimali akuyisondezi impumelelo ngokushesha. 

IGalaxy ingene kowamanqamu iqeda ukuguqisa AmaZulu ngo 3-2 esibayeni sawo eMoses Mabhida Stadium ngeSonto. 

Amagoli eRockets avalelwe enethini uBradley Mojela, Higor Vidal noSamir Nurkovic, okungabadlali abasayinwa mahhala ngesikhathi kuvulwa iwindi. 

“Bekufanele sidlulele kowamanqamu, ngiyababongela abadlali ngokuzikhandla enkundleni. Ngichazile ngaphambilini ukuthi akudingeki ukuthi iqembu lisayinise abadlali ngemali enkulu ukuze lizonqoba. Kudingeka abadlali abakwazi ukuphokophela enkundleni,” kuchaza uRamovic ekhuluma nabeSuperSport TV. 

Lomqeqeshi udlulise umyalezo ngesimo esibucayi esibhekene nezwe iPalestine elihlaselwe oshayasbhamu baseHamas, e-Israel. 

“Ngiyaziqhenya ngabadlali abakhona ngoba yibona esisele nabo. Ngizodlulisa nomyalezo ngodaba lwabantu basePalestine ababulawa nsukuzonke. Kufanele sibakhulekele abantu basePalestine. 

“Kubalulekile ukuqhela ebholeni kwesinye isikhathi, sikhulumele ubuntu. Ngiyathemba angeke uyivale inkulumo yami njengoba kwenzeka ngokudlule. 

“Sikhombise ukuvuthwa, siyabonga kubalandeli ngokweseka iqembu,” kuchaza uRamovic. 

IGalaxy iyaqala ukufinyelela kowamanqamu onyakeni wesithathu selokhu kwaqashwa uRamovic kwesokuqeqesha. 

IRockets izobhekana neStellenbosch kowamanqamu ozosingathwa eMoses Mabhida Stadium ngomhlaka 16 kuDisemba.