Kubukeka seliloliwe izembe kuRomain ‘Fohloza’ Folz okungamhambeli kahle kuMaZulu FC nakuba esanda kusayina inkontileka yeminyaka emithathu.

Lo mqeqeshi okungangabazeki nakancane ukuthi uqashelwe ukuqinisekisa ukuthi iqembu liqeda kwitop 8 kule sizini, uphikwa yizinto eThekwini njengoba ezakhe sezilengela ezembeni.

Uma edliwa AmaZulu emdlalweni olandelayo angazithola ehlela kunombolo 14 ekupheleni kwaleli sonto kwiDStv Premiership.

Ngokwemibiko yamaziko ezindaba ezihlukene namhlanje ekuseni uFohloza ubengekho kwi-training yoSuthu ngoLwesibili ekuseni. Okwamanje akukacaci noma Usuthu luhlela ukummisa okwesikhashana noma ngokuphelele, kodwa ngokombiko weSABC Sport itraining yanamhlanje iholwe yiphini lakhe u-Ayanda Dlamini.

AmaZulu zobhekana neCape Town City ekuhambeni ngeSonto, bese edlala neSuperSport United esembangweni kanombolo 2. Ngemuva kwale midlalo Usuthu luzobhekana neSekhukhune United kaBrandon Rogers ongakhohliwe ngokuxoshwa kwakhe kuMaZulu, bese lubhekana neMamelodi Sundowns.