Izintatheli zaseNigeria ziphakamise imibuzo ngokusala komgadli we-Orlando Pirates uTshegofatso Mabasa esikwatini seBafana Bafana.

UHugo Broos kudingeke ukuthi aphendule imibuzo ngokushiya uMabasa ngemuva komdlalo ophele ngo 1-1 neNigeria.

Intatheli yeFootball Inter ithe: “Ngiybaona usebenzise inqwaba yabadlali beSundowns namhlanje – ngicabanga ukuthi usebenzise abawu-8. Besilindele ukuthi ubize uMabasa obe wumgadli obashaye amakhanda kwiligi, kodwa ubengekho namhlane. Uthini ngalokho mnumzane?’

UBroos uphendule le ntatheli ngokuyazisa ukuthi uthathe isinqumo njengomqeqeshi weqembu.

“Wonke umqeqeshi obiza abadlali uzoba nabantu abazomphikisa. Bonke abaqeqeshi babhekana nalenkinga. Uma ungahambisani nokungabizwa kukaMabasa, noma omunye umdlali, kulungile, umbono wakho nawe kodwa akuyona inkinga yami.”

UMabasa uvalele amagoli awu-16 ngesizini edlule kwiDStv Premiership, alekelele iPirates ukuthi iqede kunombolo 2 kwiligi nokuthi ifinyelele kowamanqamu weNedbank Cup.

IBafana iphinde yabukeka ishoda phambili noma ibiphethe u-Iqraam Rayners, Lyle Foster no-Oswin Appollis.

IBafana ishayele unozinti weNigeria izikhawu eziwu-8 (4 on target) umdlalo wonke.