Umqeqeshi waMaZulu, uRomain ‘Fohloza’ Folz, usephumele obala wathi abayesabi i-Orlando Pirates abazobhekana nayo kowamanqamu kwiMTN8 ngoNovember 5.

UFolz uveze lokhu ngemuva kokuwashisa iKaizer Chiefs umjezi kuma-semifinal kulo mqhudelwano.

“Sizobe sesidlala kangcono uma sesibhekana nabo. Sisanda kudlala nePirates muva nje, angicabangi ukuthi kukhona ebesingaphansi kwabo kukho. Ngiyavuma kwaba nzima esiwombeni sesibili kodwa ngicela nibuke isiwombe sokuqala. Sasingawashaya amagoli amathathu eqinisweni. Ngabe akekho obuza imibuzo.

“Bayiqembu elihle, kuzoba umdlalo onzima njengoweChiefs, kodwa abekho ngcono kunathi. Asibasabi, alikho iqembu esilisabayo. Letha noma ubani sizokwenza konke okusemandleni bese uyabona ukuthi iliphi iqembu elizonqoba,” usho kanje.