Inhlangano elwela inkululeko ePalestine, iHamas, iqinisekise izindaba zokubulawa komholi wayo oqavile, uSaleh Al-Arouri, okukholwa ukuthi ubulawe ngebhomu elithunyelwe nge-drone ngoLwesibili eBeirut, eLebanon.
Ukubulawa kuka Al-Arouri kushubise izinto phakathi kweHamas ne-Israel esolwa ngokumbulala njengoba kunempi phakathi kwayo nePalestine.
Ngokwemithetho elawula izimpi, akuvumelekile ukubulala okuhleliwe njengalokhu, futhi abahlaziyi bezimpi emhlabeni bathi iHamas nabazwelana nayo okubalwa kubo iHezbollah, bazofuna ukuziphindiselela ngendlela efanayo.
Kuthiwa iHezbollah nayo isiyingenile le mpi ngenxa yokuthi kuchitheke igazi ezweni layo. Okwamanje i-Israel ayikathi vu ngokubulawa kuka Al-Arouri kodwa ibike yaveza ukuthi abaholi beHamas izobafuna ngisho kwamanye amazwe.
Sishubile isimo phakathi kwe-Israel nePalestine kulandela ukubulawa kwabantu e-Israel ngo-October 7 ngonyaka odlule.
Babalelwa ku-1200 abantu ababulawa e-Israel ngesikhathi iHamas ihlasela, kwathunjwa abanye abangaphezulu kuka-200.
I-Israel iziphindiselele ngokubulala abantu ababalelwa ku-22 000 (ngokombiko we-Al Jazeera) – kodwa uma ibuzwa ngesibalo sabantu ababulewe ithi isempini neHamas. Izolo kuvele ukuthi i-Israel ihlela ukunciphisa isibalo samasosha ewathumele ePalestine kodwa ihlela ukuba sempini neHamas unyaka wonke.