Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ubona kuzoba lula ukuhlelela umdlalo weMTN 8 neMamelodi Sundowns ngoba bethole ikhefu.

“Kuzoba lula ukuhlelela umdlalo olandelayo ngoba sizohlaba ikhefu. Ngijabule kodwa sisengaphucuka ngobe leliqembu likhulu, asikafiki ezingeni lethu.

Kufanele sihlolisise imidlalo yethu emasontweni ayisithupha adlule. Kufanele sithole isisombululo, sibone izindawo esishoda kuzo ngoba iseyinde indlela esizoyihamba. Kuningi okufanele sikufakele amehlo, sizame ukukulungisa ekhefini,” kubeka uRiveiro.

IBucs izokwamukela iSundowns emdlalweni womlenze wokuqala weMTN 8 e-Orlando Stadium ngomhlaka 1 ku-Okthoba.