Umangaze abaningi ngempelasonto uVusumuzi Vilakazi ememezela ezinkundleni zokuxhumana ukuthi useyashiya kwiGolden Arrows.

UVilakazi umemezele lokhu ekhasini lakhe kuFacebook kanti kuvela izinsolo ezishaqisayo ngokwesula kwakhe. Okwamanje ngeke singene kulezo zinsolo ngoba akakaphawuli ngazo, kodwa engxoxweni neDiski Times lo mqeqeshi uveze ukuthi ufuna ukuqinisa kwiziqu zakhe zokuqeqesha.

Okwethusa abaningi ngokusula kwakhe wukuthi izinto ziyihambela kahle i-Arrows kule sizini. I-Arrows isinqobe imidlalo emithathu, yadlala ngokulingana kowodwa, yadliwa kowodwa. Lokhu kuyibeke kunombolo 2 kwilog yeDStv Premiership ngemuva kwemidlalo emihlanu.

Ekhasini lakhe kuFacebookubonge ithuba alithole kwi-Arrows, wabonga nakuMato Madlala ngakho konke amenzele khona eminyakeni ewu-20 kuBafana Bes’thende.