Luzokwehla usizi lokubhekana nenkinga yezimali kwiRichards Bay FC ezomemezela abaxhasi abasha ngesonto elizayo. 

USihlalo weqembu uJomo Biyela ubekhuluma noVictor Molefe emsakazweni Ukhozi FM, nokuyilapho edalule khona ukuthi abaxhasi abasha bazibophezele ngokuhlala iminyaka emithathu. 

IBay iqede isizini edlule intula abaxhasi kulandela ukuhoxa kukaMasipala Umhlathuze eminyakeni emibili edlule. 

Ngesizini ephelile, uBiyela wayelokhu ekhale njalo ngokuntuleka kwezezimali eqenjini, okwakubanjelwa ukungabi nabo abaxhasi.

Ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yamaPSL Promotional Playoffs, kwasabalala imibiko eyayiveza ukuthi kungenzeka iqembu lifakwe endalini. Inkulumo kaBiyela ikucacisile ukuthi isimo sezimali sesiqala ukuzinza kwiNatal RichBoys.

“Uma kungekho okuzosiphazamisa, sizomemezela abaxhasi abasha ngesonto elizayo. Ngizwa ngehlelwa umthwalo emahlombe. Ngingakuqinisekisa ukuthi kukhona abaxhasi esizobamemezela kungekudala. Angeke ngibadalule ngegama kodwa sisayine isivumelwano seminyaka emithathu,” kubeka uBiyela ohlelweni lwePrime Time Sports with Victor Molefe.

Kusukela yakhushulelwa kwiDStv Premiership, iBay iphoqelekile ukusingatha imidlalo eKing Zwelithini Stadium njengoba inkundla ebijwayele ukuyisebenzisa kwiNational First Division isalungiswa. 

UBiyela uthi usalindele impendulo kuMasipala mayelana nokulunga kwenkundla uMhlathuze Sports Complex.

“Angifuni ukukhohlisa abantu. UMasipala yiwona ongakunikeza impendulo ecacile ngesimo senkundla. Ngendlela engibona ngayo, sizoqhubeka nokudlala eMlazi kulesizini ezoqala,” kubeka uBiyela.