Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usephinde wagxeka izinga labadlalai ababizwe uyena nethimba lakhe esikwatini wathi abekho ezingeni lokudlalela iqembu lesizwe. UBroos uveze lokhu ngemuva kokwehlula iBotswana ngo 1-0 ngoLwesibili ebusuku.
“Ngijabule ngokunqoba umdlalo. Besihlele ukuthi siyinqobe yomibili imidlalo yobungani, ngenelisekile ngalokho,” kusho uBroos.
“Ayingijabulisanga kodwa indlela esidlale ngayo. Besingakulindele lokhu. Ngicabanga ukuthi sekuyasicacela ukuthi kunabadlali abangekho ezingeni lokudlalela iqembu lesizwe.
“Ngiyayibona iPSL, kodwa imidlalo yamaqembu esizwe anzima, anabadlali abanesivinini futhi kudlalwa ngomfutho ophezulu. Ngikhethe ukuqalisa amaqembu amabili ahlukile ukuze ngibone ukuthi abadlali badlala kanjani,” usho kanje.
UBroos uthe kunabadlali angeke ababize uma sekuhlangana i-camp yeBafana ngoNovember nonyaka.
Uhlela ukuhlangana nabaqeqeshi bePSL maduze ukuze ezokwazi ukuxhumana nabo kangcono aphinde athole nolunye ulwazi aludingayo ngabadlali.