Umqeqeshi weChippa United uMorgan Mammila ulindele ukuthi ube lula umdlalo wabo neKaizer Chiefs abazobhekana nayo ngeSonto ngo-3 ntambama eMoses Mabhida Stadium.

UMammila, obuyele kwiChippa kulandela ukusiza iSwallows ivike izembe, uthi uyayazi iChiefs futhi ulindele ukuyifaka induku emdlalweni wabo wokuqala.

“Yiqembu elilula iChiefs, ilula kakhulu, niyabazi nani, nathi siyabazi, siyazi baqine kuphu nokuthi babuthaka ngakuphi,” kusho uMammila engxoxweni ne-iDiski Times.

“Into okumele uyiqaphele kodwa ukungayithathi kancane, izokulimaza. Iyiqembu elikhulu, angenzi ihlaya ngalokho, futhi isayinise kahle. Kodwa okunye engikwaziyo wukuthi uma izinto zingabahambeli ngendlela yabo kwimizuzu ewu-10 uqalile umdlalo, bangena ngephansi kwengcindezi, okuyinto esifuna ukuyenza.”

Ngesizini edlule iChilli Boys iyishaye kabili iChiefs kwimidlalo yeligi. Emdlalweni wokuqala ngesizini edlule, iChiefs yadliwa yiRoyal AM eChatsworth.