Iphini likamqeqeshi kwi-Orlando Pirates usegonyuluke ngesinqumo sokuhlala eqenjini yize sekufike umqeqeshi omusha uJose Riveiro.

UNcikazi, obekhuluma emcimbini obuhlelwe yiBucs eGoli izolo, uthe kuvele inqwaba yamaqembu abemfuna kodwa wakhetha ukuhlala kwiSea Robbers.

UNcikazi ubesebenzisana noFadlu Davids ngesizini edlule.

Ugeje amagula ngesikhundla sokuba yisekela likamqeqeshi.

“Iqembu langibekela udaba ngesikhathi kuzoqashwa umqeqeshi omusha, nami nganginalo ulwazi. Abekhona amaqembu abengifuna, angihlalanga eqenjini ngoba bengingenayo indawo ebengingabheka kuyo. Ngazikhethela ukuhlala eqenjini.

Ngiwumuntu ocabanga okuhle kodwa. Ngihlezi ngibukela izinto ezinhle. Lokhu akuqondene nami neqembu. Uzobhekana nenkinga uma ubuka ibhola ngendlela yakho wedwa.

Uma iqembu libona isidingo sokunyusa izinga, nami ngicabangela iqembu kuqala. Angiyena umuntu ozicabanga yena, ngibeka iqembu phambili.

Kungaba yinkinga ukuzama ukushintsha izimo. Ngiyamukela isimo engisuke ngibhekene naso. Kuningi engingakufunda, ngikhulise iqembu. Mina ngizohlala eqenjini uma liqhuba kahle,” kusho uNcikazi.